Friday, October 22, 2010
U-D.J Makokoroshe uzomela oDJ base Mpangeni
Esithombe woye lo uDJ Makokoroshe ephendula amapuleti akadume ngawo
Phumlani Nkwanyana
Omonye wo-D.J osemncane osezenzele igama etsheni eningi yase Mpangeni namaphethele, uthole ithuba eliyinqayizivela lokumela o-d.j kwinqunquthela yabo eGoli. Leli dili lenqunquthela lihlelwe yi-Kalawa recording company kanye nezinkakha zabadlali bamapleti asebemkatshu bomvu kulendima eNingizimu Africa. UDJ Makokoroshe ongaconsi phansi kubantu abasha abaningi udabuka eMatshana, ngaphandle nje kancane kwedolobha lase Mpangeni.
Umakokoroshe ogama lakhe langempela ngu Senzo Langa, ukhethwe ukuba abe yinxenye kulenqunquthela yokucobelelana ngolwazi, kanye nabanye ozakwabo ababili base Bhukhanana. Lelibhungu selize lenza icwecwe lwaloluhlobo lomculu we house, elithi laqala ukuba nothando lomnculo kusukela ngo 1999 kuze kube manje.
U-Dj Makokoroshe uphinde asize enye itsha enesifiso sokungena kulomkhakha, ngokuba nguproducer wabo. Ebuzwa ngokukhethwa kwakhe ukuba amele abanye o-d.j, uthe “Ngazihlanganisela izingoma zami zohlobo lomculo we-house ngabe sengizithumela khona e-Kalawa recording company, babe sebengithembisa ukungithinta ngocingo uma bezithakasele izingoma zami. Mumva nje babe sebengifonela bengitshela ukuthi ngizoba yinxenye yenqunquthela yabo nokungithokozise kakhulu, ngoba ngibona ikusasa lami likhanya endimeni yokuba nguD.J”. Uqhube wathi Ikalawa recording company yiyo eyobe isibhekelela ekutheni umculo wami usabalala nezwe lonke.
Umakokoroshe uthe ukuthanda kwakhe umculo yikho okwamnika ilukuluku lokuba aze abe nguD.J okulelizinga. Umndeni wakhe uthi nawo unothando lomculo okwenza naye aphokophelele ukuba abeyinxenye kwezomculo.
Ukuba wu D.J lokhu wakuqala esasebenzisa amakhasethi, lwaqhubeka uthando waze wayokufundela kwesinye sezikole zokufundela ukuba ngu D.J eThekwini, waphinde wafunda nase vinyl entertainment eRichards bay. Ekhuluma ugcizelele kakhulu ukuthi itsha enothando lokungena kulendima kumale ifunde, “Ukufunda kokwenza amadlelo abeluhlaza ezintweni zakho”, esho ehlezi nogumba gumba bama speakers endlini yakhe.
U-D.J Makokoroshe usebenzisana nabanye O-D.J osekuze kwaholela ekutheni bavule esabo i-studio sokuqopha esibizwa nge SNS production, lapho sifisa ukusiza itsha iqophe lonke uhlobo lomculo wayo. “Sesikwazile ukusiza amanye amanqembu omnculo ukuba aqophe ngaphansi kwayo I-SNS production, amaqembu afana no P-PLAN abenza I hip hop, SM Praise abenza umculo wegospel kanye no Sipho Ncube”. U-D.J Makokoroshe unxuse abanesifiso sokuqopha ukuba beze kwistudio sabo, kanye nabafisa ukumbiza emcimbini yabo ehlukahlune ukuba baxhumane naye kule nombolo 0782047280.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
No comments:
Post a Comment