Friday, October 22, 2010

I-House of Art emkhankasweni wokuvundulula amakhono




Intsha yase Mhlathuze namaphethele ithokozele ikuba yinxenye yenhlolokhono ye-HOT


Phumlani Nkwanyana


I-House of Art (HOT), ibambe umkhankaso wokuvundulula amakhono kubantu abasha, e Art infusion centre, e Richards bay zingu 17 Ephreli 2010. Lomkhankaso obekuhloswe ngawo ukuthola itsha efisa ukuba sendimeni yukulingisa, ubenesasa elikhulu kubantu abasha abazifele ngokulingisa, ngoba kuyinto engavamile ngapha ko-Thukela. Lomkhankaso ububhekiswe kwabaneminyaka esuselwa kweyi-13 kuya kwengama -20 ubudala.

Batheleke ngezinkani abantu abasha bevela emalokishini azungeze lelidolobha bezokhombisa amagalelo abo kwezokulingisa. Injabulo nelukuluka lentokozo belibhalwe emehleni kuletsha ebibonakalo ukuthi inalo ikhono elidinga ukukhuliswa ngendlela efanele. Abantu abasha balibambe ngazo zombili leli thuba eliyizi nqayizivela. Lokhu kukhonjiswe yindlela ebebethokoze ngayo, nangobuciko ababukhombisile kwezokulingisa benza abazifela ngakho ukulingisa phela.

I-HOT iyi hlangano ezimele, ezinze maphakathi nedolobha lase Richards bay ikhiqhiza abaculi iphinde iqeqeshe abathanda ukulingisa kusukela eminyakeni eyi 13 kuya ku- 35.

Okhulumela I HOT, Unksz Zonke Cele ongu nobhala khona kulesiya sikhungo uthe, “Njenge HOT, sifuna ukusiza leyotsha enetshisekelo yokulingisa kodwa engenayo amathuba”, esho ekhombisa ukuthi ukulingisa kuyinto ayizwa ngaphakathi. “Sinesifiso kulenhlangano sokuthi laba abaphumele namhlanje bengcine sebebonakala koma bonakude, Ngoba nansi i-Bay TV isikhona sekuyoba lula ukuthi baqhubeke endimeni yokulingisa” Kuqhuba u-Nksz Cele.
Itsha lena ibizifikele neyayo imidlalo emfishanyane ebeyilingisa phambi kwamajaji ebebuka ubuciko umuntu abukhombisayo emdlalweni wakhe. Abaphumelele banikezwe ithuba eliyizi nqayizivela loku fundela ukulingisa, izinyanga eziyisi thupha. Emva kokuba sebephothulile lezizi fundo bayobeke sebe dlala umdlalo ozobe uhlelwe yiyo I HOT.

U-Nksz Cele unxuse noma ngabe ubani ukuba alule isandla emisebenzini abawenzeyo. “Siyihlangano ezimiele, ngalokho asinayo imali esiyithola kuhulumeni, seyadinga ukuthi sithole usizo kulabo abangaba nesifiso sokuxhasa lomsebenzi”, kusho u-Nksz Cele.

No comments:

Post a Comment