Omunye wasebenzi ezindlini zokoqindiswa kwezinhlelo sesiteshi
La ngungesikhathi kuqoshwa ezinye zezinhlelo zesiteshi i-Bay tv
La ngungesikhathi kuqoshwa ezinye zezinhlelo zesiteshi i-Bay tv
Phumlani Nkwanyana
Sidlondlobala ngamandla isiteshi sikamabonakude somphakathi, esaziwa nge-Bay TV. Lesisiteshi somphakathi sizinze enyakatho nesifundazwe saKwazulu Natal, maphakathi nedolobha lase Empangeni.
I-Bay TV eyiso nendlebe yomphakathi, yisiteshi sokuqala sikamabonakude esifundazweni sa- Kwazulu-natal, sibe ngesesibili eNingizimu ne Africa, silandela i-Soweto TV ezinze eGoli. Inhlansi yokusungula lesiteshi somphakathi nesithokozelwa kakhulu ngumphakathi iqale ngonyaka wezi 2004, isungulwa ngu Edwin Mncwango osesebenza njengo mphathi wayo i-Bay Tv.
Lesi siteshi sisakaza ikakhulukazi ngesi Zulu esithatha amaphecenti angama 60, bese kuba yimthonseyana yolimi lwesilungu, nokuzothi ngokuhamba kwesikhathi kusakazwe nangolimi lwesibhunu ukuze zibhekeleleke zonke izilimi ezikhona kulesisifundazwe.I-Bay tv ebhekelela wonke umuntu okhona emphakathini, ngokusakaza imicimbi eyenzakala emphakathini iqale ukuba semoyeni zingu 15 Okthoba 2009, kodwa idlondlobala ngokukhulu ukushesha lokhu.
Lesi siteshi siphinde sibhekele ukuvumbulula itsha ekhona emphakathini enamakhono okusakaza, ukucoshela izindaba zikamabonakude kanye nokufunda izindaba. Abafundi abase nyuvesi yaKwazulu (Ongoye) abenza izinqu emkhakheni wokucoshelwa kwezindaba zikamabonakude ucilo uzishayise endukwini ngokuvulwa kwalesisiteshi. Lokhu kubonakale ngesikhathi abafundi ababalelwa kwabayisishupha ngokusha kukamphathi steshi bezothekela ulwazi ngokuthola ispiliyoni kulendima.
Ongumphathi steshi u-Edwin Mncwango uthe, “isiteshi siqhuba kahle kakhulu, kanti futhi nomphakathi ukhombisa elikhulu isasa nokusithakasela.” U-Mcwango uveze ukuthi okwamanje isiteshi asikatholi xhaso oluvela ngaphandle, kodwa amalunga abhekelele ukusebenza kwesiteshi yiwo akhipha emaphakethini ukungcina isiteshi sisebenza ngendlela efanele.
“Sisalindele uxhaso oluvela kwihhovisi lika ndunankulu waKwaZulu Natal, okubhekeke ukuba lufike ngaphambi kokuba uphele lonyaka”, kuchaza uMncwango.Umphathi steshi ebuzwa ngamahlebezi okushitsha kwengama lesteshi kanye nokufudulwa kwesiteshi sifudulelwa e-Mgungundluvu uthe, “Lokhu kwawumbono wothile esingeke sasho ukuthi uphasile, okwamanje igama lethu alika shitshi sisabizwa ngayo iBay tv. Maqondana nokususwa kwamahhovisi esiteshi Empangeni nakholokho kwaba nje ngumbono wothile , sizoba nehhovisi eMgungundlovu kodwa isiteshi ngeke sisuswe Empangeni. Lokhu sikwenza ngoba kuseduze nephalamende lakulesisifundazwe, kuzokwenza kubelula ukucoshela okwenzeka ngaphakathi ephalamende bese sazisa umphakathi wakithi ngakho”, Kunaba yena u-Mncwango ngokukhulu ukukhululeka.
Maqondana nezinxabano zokubanga ukuphatha ebeziqhubeka ngaphakathi kwi komidi elibhekelele ukusebenza kwesiteshi uMncwango uthe, ngesikhathi sisungulu lesiteshi ngowezi 2004, bekunethimba ebesisebenza nalo.
Ngokubonakala sengathi izinto azihambi kahle abanye baphonsa ithawula, bashiya phansi bezitshela ukuthi lesisi teshi ngeke siphumelele. “Kuthe sesiqalile ukusebenza sebefuna ukubuyela manje, kanti sesize saqoka ikomiti Elisha elibhekelele ukusebenza kwesiteshi yikho okubange izinkiga womdonsiswano wokuphatha ngaphambilini, kodwa manje konke sekuhlelekile nesimo sesibuyele kwesejwayelekile” kusho uMncwango Okwamanje ikomidi elisemthethweni elibhekelele ukusebenza kwesteshi limi kanje, usihlalo Themba Fakazi, Dudu Myeni, Zethu Mkhize, Muzi Ngema, Nellanie Naidoo, usolwazi V.J Rugbeer kanye no Snegugu Kunene. I-Bay TV ilindela ukuba osaziwayo kulendima kamabonakude baqale ukusakaza esikhathini esingengakanani kusuka manje ngokusho kuka Mncwango.
Abasakazi abalindeleke ukuba baqale kubalwa u-Nonhlahla Buthelezi owaziwa ngo Mroza woKhozi fm, Lucky Sefatsa kanye no Bongani Zindela osakaza uhlele iShift kwa SABC 1. U-Zindela osakaza okokungcina kulonyaka kulindeleke ukuba aqale uhlelo lwakhe kuso lesisi teshi ngokusho kukamphathi we Bay tv. Umcwango uphinde wanxusa umphakathi onekhono nesifiso sokusebenza kumabonakude ukuba bathumele imininingwane yabo kule e-mail baytv@webmail.co.za.
No comments:
Post a Comment