Friday, October 22, 2010

Izikhulu zoMhlathuze zidele amabhonasi

Phumlani Nkwanyana

Iningi leziphathimandla zikamasipala wo Mhlathuze zinqume ukungawathathi amabhonasi awo kanyaka wezimali ka 2009/2010. Oyimenenja yedolobha lase Mhlathuze uMnu Nkosinathi Nhleko uthe, “unyaka wezimali ka 2009/2010 awubanga ngunyaka onemiphumele ethokozisayo kulelidolobha ngenxa kokungahambi kahle emnothweni wase Ningizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele”. Nakuba izinqinamba bezikhungathe lelidolobha, amakhansela kanye nezikhulu eziphezulu zisebenze ngokukhulu ukuzikhandla, ukuze ziqinisekise ukuthi izidingo zomphakathi ziyabhekelelwa ngokukhulu ukucophelela yize izinsiza kusebenza bezingezihlekahle.

“Nakuba lonyaka ubunzima, ubemuhle ngasekuphathweni kwedolobha ngoba zonke izinjongo zihambe njengezifiso zethu, okuze kwaholela ekutheni sibe sesimeni sokothola amabhonasi. Kodwa sibe sesivumelana nezinye izikhulu eziphezulu, ukuba singawathathi, ukuze kubhekelelwe izidingo zomphakathi, kuchaza uNhleko.

Unqoqoshe we co-operative Governace and Traditional Affiars u- Nomusa Dube, uthumele incwadi yesincomo encoma isinqumo esithathwe yizikhulu eziphezulu zase Mhlathuze, sokungawathathi amabhonasi. Kulencwadi ungqongqoshe uthe, lesisenzo senzeke ngesikhathi lapho isifundazwe kanye neNingizimu Afrika ibhekene nengwadla ngakwezezimali, nokuholele ekusebenzaeni ngokungangculisi kohulumeni basemakhaya. Ungqongqoshe uqhubeke wathi lesisenzo simelwe ukushayelwa ihlombe, futhi kukhombisa ukuthi izikhulu zoMhlathuze ziyazikhathalele izidingo zomphakathi.

Umnu Nhleko uthe, udlulisa ukubonga kwizikhulu eziphezulu, ngokudele amabhonasi azo ukuze kubhekelelwe umphakathi. Eqhuba uNhleko ubeke wathi, lokhu kuseyisaqalo sokubeka lomaspala kwi-balazwe, njengabanye bomasipala abasebenza kahle, noqinisekisa ukufeza izindingo nqangi zomphakathi.

Isiteleka sikahulumeni siphazamisa ibanga leshumi

Isiteleka sabasebenzi bakahulumeni esesidonse amaviki amathathu, sizophazamisa ukubhala kwezivivinyo kwebanga leshumi. Iningi labafundi liduve emakhaya, ngenxa yokungabikho kothisha ezikoleni. Lokhu kuqale emvakokuba izisebenzi zikahulumeni zinga ngculiseki ngamaholo azo, nokuholele ekutheni zibeke phansi amathuluzi ziyingxobe emigwaqeni . Lokhu sekushiye iningi labafundi ikakhulu abenza ibanga leshumi bekhungathekile ngenxa yalesisimo. Abafundi bebanga leshumi kulindeleke ukuba baqale izivivinyo zabo zokuphela konyaka zingu 10 Okthoba. Amathuba okuba baqale abonakala eshabalala ngoba abasebenzi nohulumeni bengakafiki esivumelwaneni sika 8.6%. Abanye babafundi sebeqale ukuzenzela amaqembu ukuze bakwazi ukumelana nezivivinyo okungazeki noma ziyongcina zibhaliwe. Ongunqonqoshe wezemfundo emabangeni aphansi kuzwelonke u-Angie Motshekga, ucele umphakathi onolwazi ngezifundo zebanga leshumi ukuba ulule isandla ukuze usiza abafundi ababhekwe yifu elimnyama. Umnyango wezemfundo uzama ngokusemandleni izizinda zokusiza lababafundi ukuze baqhubeke nokuzilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka.Ungqogqoshe uthe, “Kubalulekile ukuthi abafundi bahlale ezincwadini ngalesikathi esinje, bazimisele bekhande namaqembu okufunda ukuze baphumelele” echaza .Umnyango ugquqguzele abafundi bebanga leshumi ukuba babukele izinhlelo ezihlelelwe abafundi kumabonakude kanye nasemisakazweni, nokubukezela izivivinyo zeminyaka edlule. “Abazali kumele baqikelele ekutheni abafundi bahleli ezincwadini zaba ngaso sonke isikhathi ukuze bakwazi ukungasali kwizifundo zabo” kubeka uMotshekga.Lisisiteleka asingcinanga ngokuphazamisa ibangaleshumi kuphela, abafundi abenza izifundo zobuthisha enuvesi yakwaZulu (Ongoye), nabo baphoqelekile ukuba baphindele emumva bengaphothulile isikathi sabo sokuqeqeshwa ezikoleni. Inyovesi ithumelele imiyalezo abafundi singakapheli isikhathi sokuqeqeshwa kwabo ngoba izikole bese zilenga izikhiye emasangweni.

Indumezulu yomgubho wabesifazane eMtuba




Phumlani Nkwanyana




Izinkumbi zabesifazane zithuthanele e-Mtubatuba rugby club, ukuzogubha usuku labantubesifazane, neligunjwa minyaka yonke eningizimu Afrika. Uhulumeni wesifundazwe saKwazulu-Natali ubambisene nomaspala uMkhanyakude uhlele lendumezulu yomgubho nobuyinxenye yokuhlonipha izinqalabutho ezalwela abalungelo abantu besifazane ngonyaka ka 1956 e-Union building.




Noma isimo sezulu besingesihle kahle ngalolusuku olusho lukhulu kubantu besifazane, umphakathi uphume ngothi lwawo ukuzothamela izihambeli ebezivela emnyangweni eyahlukene kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal. Phakathi kwezihambeli ebeziyinxenye yalomcimbi, umama Wenziwe Thusi, Ina Cronje, Nomusa Dube, Willies Mchunu kanye no Senzo Mchunu ongungqongqoshe wezemfundo Kwazulu-Natal. Ukhombise ngokusobala lomcimbi ukuthi isifundazwe asikhohliwe yiqhaza elabanjwa ngabesifazane ekulweleni abesifazane.




Lomgubho ubungqungquzela kakhulu abantu besifazane ngamalungelo abo, nangamathuba uhulumeni akawahlelele ukuhlomisa nokuhlinzeka abantu besifazane ngolwazi. Ezintweni ezibaluliwe wukuqikelela ekutheni abesifazane bayazimela futhi bayayiqonda indima ekumele bayidlala emiphakathini abakuyo, ukuzebakwazi ukwakha imiphakathi engcono. Umnu Senzo Mchunu, nobekhulumela undunankulu wesifundazwe, uthe, uhulumeni waKwaZulu-Natal usubekele abesifazane isamba semali esilinganiselwa ku R197 million, ukuze ukwazi ukuthuthukisa izinhlelo zabesifazane balesisifundazwe.




“Eminyakeni eyedlule izibalo bezikhomba ukuthi abantu besifazane yibo abangasebenzi, sizimisele manje ukuqeda nya lokho. Sifisa ukuhlomisa abesifazane ngakwezemfunda kanye nezamabhizini ukuze kube yibo abadala amathuma emsebenzi bebambe neqhaza ekukhulisweni komnotho wakithi”, kuchaza uMchunu ekhulumela undunankulu nongaphumelelanga ukuba yinxenye yalomncimbi ngenxa yokungaphatheki kahle. Isifundazwe sizibophezele ekutheni iminyaka eyishumi ezayo inikezelwe kwabesifazane kozonke izinhla zikahulumeni ukuze kubonakale igalelo labo, nokuthokozise abaningi ukuzwa ukuthi banikezwe ithuba lokuziqhakambisa eminyakeni ezayo.




Inkosi yakwaMagwaza engowesifazane uL. Mpungose, ephinde ibe yilungu le Progressive women’s movement of S.A, ithe abesifazane kumele babenokuzethemba ngokuba ngabesifazane, “Kubalulekile ukuthi sazi njengabesifazane ukuthi sinamalungelo futhi siyalingana ngokomthetho sisekelo wakulelizwe, ngalokho kumele abesifazane bezazi ukuthi baneqhaza elibalulekile ekumele balidlale” Kuqhuba inkosi yakwa-Magwaza uMpungose.




Lomcimbi bekungesiwo nje umgubho wabesifazane kuphela, umphakathi uphinde wathola imitholampilo engomahamba nendlwana nalapho bebehlola khona izifo ezahlukene. Umphakathi ubuphinde ufake izicelo zomazisi kanye nemali yesondlo sabantwana kuwo lomncimbi. Omunye wabesifazane obethamele lomcimbi uJabu Gumede uthe, “Sibonga kakhulu kuhulumeni wesifundazwe, ikakhulukazi ngokusinika ithuba lokufaka izicelo zesondlo sabantwana kanye nokuhlolelwa izifo ezinhlobonhlobo kuyancomeka impela”. Lomgubho uvalwe ngedili labaculi beshiyelana inkundla bethokozisa abantu besifazane phakathi kwabo bekukhona noHlengiwe




Ezinye zezitorry engizithandayo.

Injabulo kwemukelwa uSyabonga Sangweni

Phumlani Nkwanyana

Bekuyinjabolo yodwa ngesikhathi umphakathi wase Dondotha wemukela U-Syabonga Sangweni nobeyinxenye yeqembu lesizwe ngesikhathi sendebe yomhlaba. Lomdlali uphinde abe ngumdlali wasemumva kwi Golden arrows nokwiyiqembu elizinze eThekwini kusolesisi fundazwe.
U-Sangweni umukelwe ngenkulu Injabulo emcimbini obuhlelwe ngumasapala waso Thungulu ubambisene no maspala Umfolozi kanye nomphakathi ngenyanga edlulu. Lomcimbi ubuhlelelwe ukuncoma igalelo lika Sangweni emidlalweni yendebe yomhlaba, njengoba engowokudabuka kulesifundazwe.
Umphakathi wase Dondotha ufike ngothi lwawo uzomukela iqhawe ebelimele iningizimu Africa kumqundelwano wendebe yomhlaba.Oyikhansela lendawo u M. Mpungose uthe, umsebeni kasangweni uyancomeka kakhulu, ubeke lomaspala ebalazweni lase Ningizimu Africa. Usangweni uphakamise kakhulu ukuncoma komaspala abahlele lomcimbi omkhulu kangaka. “Ngifisa nje umaspala wakithi uzame ukusenzela i-League ukuze sizokwazi ukuthuthukisa italente elikhona elifihlekile”, kuchaza u-Sangweni. Umphakathi usine wazibethele ngenhlobonhlobo zokudla ebezikhona kulomncimbi.

Iyadlondlobala i-Bay TV

Umnu Edwin Mcwango Ongumphathi steshi we Bay tv
Omunye wasebenzi ezindlini zokoqindiswa kwezinhlelo sesiteshi


La ngungesikhathi kuqoshwa ezinye zezinhlelo zesiteshi i-Bay tv

Phumlani Nkwanyana

Sidlondlobala ngamandla isiteshi sikamabonakude somphakathi, esaziwa nge-Bay TV. Lesisiteshi somphakathi sizinze enyakatho nesifundazwe saKwazulu Natal, maphakathi nedolobha lase Empangeni.

I-Bay TV eyiso nendlebe yomphakathi, yisiteshi sokuqala sikamabonakude esifundazweni sa- Kwazulu-natal, sibe ngesesibili eNingizimu ne Africa, silandela i-Soweto TV ezinze eGoli. Inhlansi yokusungula lesiteshi somphakathi nesithokozelwa kakhulu ngumphakathi iqale ngonyaka wezi 2004, isungulwa ngu Edwin Mncwango osesebenza njengo mphathi wayo i-Bay Tv.

Lesi siteshi sisakaza ikakhulukazi ngesi Zulu esithatha amaphecenti angama 60, bese kuba yimthonseyana yolimi lwesilungu, nokuzothi ngokuhamba kwesikhathi kusakazwe nangolimi lwesibhunu ukuze zibhekeleleke zonke izilimi ezikhona kulesisifundazwe.I-Bay tv ebhekelela wonke umuntu okhona emphakathini, ngokusakaza imicimbi eyenzakala emphakathini iqale ukuba semoyeni zingu 15 Okthoba 2009, kodwa idlondlobala ngokukhulu ukushesha lokhu.

Lesi siteshi siphinde sibhekele ukuvumbulula itsha ekhona emphakathini enamakhono okusakaza, ukucoshela izindaba zikamabonakude kanye nokufunda izindaba. Abafundi abase nyuvesi yaKwazulu (Ongoye) abenza izinqu emkhakheni wokucoshelwa kwezindaba zikamabonakude ucilo uzishayise endukwini ngokuvulwa kwalesisiteshi. Lokhu kubonakale ngesikhathi abafundi ababalelwa kwabayisishupha ngokusha kukamphathi steshi bezothekela ulwazi ngokuthola ispiliyoni kulendima.

Ongumphathi steshi u-Edwin Mncwango uthe, “isiteshi siqhuba kahle kakhulu, kanti futhi nomphakathi ukhombisa elikhulu isasa nokusithakasela.” U-Mcwango uveze ukuthi okwamanje isiteshi asikatholi xhaso oluvela ngaphandle, kodwa amalunga abhekelele ukusebenza kwesiteshi yiwo akhipha emaphakethini ukungcina isiteshi sisebenza ngendlela efanele.

“Sisalindele uxhaso oluvela kwihhovisi lika ndunankulu waKwaZulu Natal, okubhekeke ukuba lufike ngaphambi kokuba uphele lonyaka”, kuchaza uMncwango.Umphathi steshi ebuzwa ngamahlebezi okushitsha kwengama lesteshi kanye nokufudulwa kwesiteshi sifudulelwa e-Mgungundluvu uthe, “Lokhu kwawumbono wothile esingeke sasho ukuthi uphasile, okwamanje igama lethu alika shitshi sisabizwa ngayo iBay tv. Maqondana nokususwa kwamahhovisi esiteshi Empangeni nakholokho kwaba nje ngumbono wothile , sizoba nehhovisi eMgungundlovu kodwa isiteshi ngeke sisuswe Empangeni. Lokhu sikwenza ngoba kuseduze nephalamende lakulesisifundazwe, kuzokwenza kubelula ukucoshela okwenzeka ngaphakathi ephalamende bese sazisa umphakathi wakithi ngakho”, Kunaba yena u-Mncwango ngokukhulu ukukhululeka.
Maqondana nezinxabano zokubanga ukuphatha ebeziqhubeka ngaphakathi kwi komidi elibhekelele ukusebenza kwesiteshi uMncwango uthe, ngesikhathi sisungulu lesiteshi ngowezi 2004, bekunethimba ebesisebenza nalo.
Ngokubonakala sengathi izinto azihambi kahle abanye baphonsa ithawula, bashiya phansi bezitshela ukuthi lesisi teshi ngeke siphumelele. “Kuthe sesiqalile ukusebenza sebefuna ukubuyela manje, kanti sesize saqoka ikomiti Elisha elibhekelele ukusebenza kwesiteshi yikho okubange izinkiga womdonsiswano wokuphatha ngaphambilini, kodwa manje konke sekuhlelekile nesimo sesibuyele kwesejwayelekile” kusho uMncwango Okwamanje ikomidi elisemthethweni elibhekelele ukusebenza kwesteshi limi kanje, usihlalo Themba Fakazi, Dudu Myeni, Zethu Mkhize, Muzi Ngema, Nellanie Naidoo, usolwazi V.J Rugbeer kanye no Snegugu Kunene. I-Bay TV ilindela ukuba osaziwayo kulendima kamabonakude baqale ukusakaza esikhathini esingengakanani kusuka manje ngokusho kuka Mncwango.

Abasakazi abalindeleke ukuba baqale kubalwa u-Nonhlahla Buthelezi owaziwa ngo Mroza woKhozi fm, Lucky Sefatsa kanye no Bongani Zindela osakaza uhlele iShift kwa SABC 1. U-Zindela osakaza okokungcina kulonyaka kulindeleke ukuba aqale uhlelo lwakhe kuso lesisi teshi ngokusho kukamphathi we Bay tv. Umcwango uphinde wanxusa umphakathi onekhono nesifiso sokusebenza kumabonakude ukuba bathumele imininingwane yabo kule e-mail baytv@webmail.co.za.

U-D.J Makokoroshe uzomela oDJ base Mpangeni


Esithombe woye lo uDJ Makokoroshe ephendula amapuleti akadume ngawo

Phumlani Nkwanyana


Omonye wo-D.J osemncane osezenzele igama etsheni eningi yase Mpangeni namaphethele, uthole ithuba eliyinqayizivela lokumela o-d.j kwinqunquthela yabo eGoli. Leli dili lenqunquthela lihlelwe yi-Kalawa recording company kanye nezinkakha zabadlali bamapleti asebemkatshu bomvu kulendima eNingizimu Africa. UDJ Makokoroshe ongaconsi phansi kubantu abasha abaningi udabuka eMatshana, ngaphandle nje kancane kwedolobha lase Mpangeni.





Umakokoroshe ogama lakhe langempela ngu Senzo Langa, ukhethwe ukuba abe yinxenye kulenqunquthela yokucobelelana ngolwazi, kanye nabanye ozakwabo ababili base Bhukhanana. Lelibhungu selize lenza icwecwe lwaloluhlobo lomculu we house, elithi laqala ukuba nothando lomnculo kusukela ngo 1999 kuze kube manje.


U-Dj Makokoroshe uphinde asize enye itsha enesifiso sokungena kulomkhakha, ngokuba nguproducer wabo. Ebuzwa ngokukhethwa kwakhe ukuba amele abanye o-d.j, uthe “Ngazihlanganisela izingoma zami zohlobo lomculo we-house ngabe sengizithumela khona e-Kalawa recording company, babe sebengithembisa ukungithinta ngocingo uma bezithakasele izingoma zami. Mumva nje babe sebengifonela bengitshela ukuthi ngizoba yinxenye yenqunquthela yabo nokungithokozise kakhulu, ngoba ngibona ikusasa lami likhanya endimeni yokuba nguD.J”. Uqhube wathi Ikalawa recording company yiyo eyobe isibhekelela ekutheni umculo wami usabalala nezwe lonke.



Umakokoroshe uthe ukuthanda kwakhe umculo yikho okwamnika ilukuluku lokuba aze abe nguD.J okulelizinga. Umndeni wakhe uthi nawo unothando lomculo okwenza naye aphokophelele ukuba abeyinxenye kwezomculo.

Ukuba wu D.J lokhu wakuqala esasebenzisa amakhasethi, lwaqhubeka uthando waze wayokufundela kwesinye sezikole zokufundela ukuba ngu D.J eThekwini, waphinde wafunda nase vinyl entertainment eRichards bay. Ekhuluma ugcizelele kakhulu ukuthi itsha enothando lokungena kulendima kumale ifunde, “Ukufunda kokwenza amadlelo abeluhlaza ezintweni zakho”, esho ehlezi nogumba gumba bama speakers endlini yakhe.



U-D.J Makokoroshe usebenzisana nabanye O-D.J osekuze kwaholela ekutheni bavule esabo i-studio sokuqopha esibizwa nge SNS production, lapho sifisa ukusiza itsha iqophe lonke uhlobo lomculo wayo. “Sesikwazile ukusiza amanye amanqembu omnculo ukuba aqophe ngaphansi kwayo I-SNS production, amaqembu afana no P-PLAN abenza I hip hop, SM Praise abenza umculo wegospel kanye no Sipho Ncube”. U-D.J Makokoroshe unxuse abanesifiso sokuqopha ukuba beze kwistudio sabo, kanye nabafisa ukumbiza emcimbini yabo ehlukahlune ukuba baxhumane naye kule nombolo 0782047280.

Inhlangano yabadala izibambela ngezandla

Yiyole inhlangano yabadala exosha ikati eziko
Abadala bengazibekile phansi benza eminye yemisebenzi yezandla.

Phumlani Nkwanyana

Inhlangano yabadala ezinze eMatshana ngaphandle kwedolobha lase Empangeni izibambela ngezandla imisebenzi eyahlukene ukuze ixoshe ikati eziko. Lenhlangano ekhuthele izibiza nge Sithuthuka neSizamo kuhle, Yenza imisebenzi yezandla eyahlukahlukene kusukela ekwenzeni amacansi asezingeni eliphezulu, benze izinhlobo eziningi zezilwane ngamaphepha. Lenhlangano ayingcini nje ngokuziphilisa ngokwenza lemisebenzi yezandla, iphinde ibhekelele ukusiza abantu abagulaya abasengena bani ongabasiza emphakathini eyentulayo ngokuthi ibaxhase ngezinsiza ezifanele zokuqhuba impilo.



Ongusihlalo wale nhlangano umama Elizabeth Langa uthe, “ lenhlangano indala ayisungulwanga manje lomshikashika waqala kusukela eminyakeni yawo 1990 siseyisikhombisa kuze kube manje sisayibambile njengoba isikhule ngaloluhlobo”. Lenhlangana yaqalwa emveni kokubona ikati lilele eziko emindenini eminingi emphakathini wakithi, sasingama lunga ayi-7 kuphela siqala. Sasibona imindeni yentula kakhulu ikakhulukazi uma umndeni unelunga eledlule emhlabeni isimo sasiyaye sibe sibi kakhulu, yilapho esavele sabona isindingo esikhulu sokuthi siqale lenhlangano.



Ngikhulama nje ezinsukwini ezingengaki ezedlule besisiza esinye isakhamuzi salapha endaweni yakithi ebesishiwe yilungu lomdeni. Njengenhlangano sikwazile ukufeza nokuthwala zonke izindleko zomncwabo. Sisebenza ngokuzikhandla Njenge nhlangono ngoba kunguku zibophezela kwethu ukusiza umphakathi wakithi.



Lenhlangano enelunga elineminyaka engama 88 nekuyilo elidala kunawo onke, liphinde lilimi izitshalo ezahlukene kwizingadi ezikhona kuleyandawo. Ngezikhathi zokuvuna umnyango wezolimo Kwazulu-Natal uyaye uthenge izitshalo zabo noma ubatholele indawo yokuthengisela edolobheni lase Richards Bay. Abezolimo baphinde babaxhase ngezimbewu ezahlukene ukuze bakwazi ukuqhubeka nokutshala.



Kuyolenhlangano kukhona namalunga anamakhono angajwayelekile nangavamile. Elinye lamalunga likhanda izilwane ezinhle zokuhlobisa ezindlini ngokusebenzisa amaphepha ahlanganiswe nensipho kanye namanzi nje kuphela. Isiza neSizamo kuhle nebambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni indawo abakuyo, ikhala ngezinsiza kusebenza ezingekho eqhophelweni elifanele. “Amalunga ethu asebenza ngokukhulu ukuzimisela nokuzikhandla, kodwa Ukungabikho kwamathuluzi okusebenza kuyawukhinyabeza kakhulu umsebenzi wethu. Singakujabulela kakhulu ukubona umasipala wethu ufaka isandla emisebenzini esiwenzayo” kuchaza ongusihlalo wale nhlangano umama Elizabeth Langa ekhombisa ukuthi lento yokusebenza isemizweni yakhe. Eqhuba uthe izinsonto lezi esizisebenzisayo ukwakha lamancansi ethu amba eqolo manje, okungcina sekuholele ekutheni amalunga edonse emaphaketheni awo. Sicela nomangabe ubani ongaba nosizo olungasiza ekuthuthukiseni umsebenzi wethu axhumane nathi ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili nokusiza imiphakathi yakithi inombolo yethu yocingo ithi 074 7249 390.







Indoda ibhudukeze ingane yayidlwengula

Phumlani Nkwanyana
Intombazanyane eneminyaka eyi-13, ibhudukezwe yindoda ngomese maqedeyasina yazibethela ngocansi, endaweni yaseMatshana ngaphandle njekancane kwedolobha lase Empangeni. Intombazanyana ibiyothenga I-airtime kwesinye sezitolo zendawo ngenkathi izithela phezu kwale ndodaeyibhudukeze kanzima yashona nayo ezihlahleni yabe isiyayidlwengulakhona lapho.
Umdeni wale ntombazane ube usuhlaba umkhosi kwabizwaabomthetho, kwavulwa icala lokudlwengula.Ebengaka banjwa owenze lesi senzo, kodwa intombazane ime ngelokuthinoma engabaleka kodwa iyamazi. Kwenzeka lokhu nje, sekuqubukeamahebezi okutshotshwa kwezingane ezindaweni zasemakhaya ezibalelwaeminyakeni eyi-9 kuya kweyi 13.

Ngokusho kobhuti walentombazane eyehlelwe yilesisehlo “Lendoda isikeyabuyela kulentombazane yayisabisa ngokuyibulala kanye nomdeni wayowonke uma beke bazama ukuthatha izinyathelo ezingaholela ekuboshwenikwayo”, kusho lensizwa esola ukuthi isandla somthetho asisebenzangangendlela engculisayo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Mpangeni ukapteni Mbongeni Mdlalose uthe,umsolwa usangcwele izinkalo, banxusa noma ngabe ubani ongaba nolwaziolungaholela ekuboshweni kwakhe ukuba avele”.

Ujele uvulele ngenhlamvu etekisini kwashona isinqanda mathe sakhe

Phumlani Nkwanyana
ONgujele wase jele lase Qalakabusha uvulele ngenhlavu itekisiebelinesinqanamathe sakhe phakathi zingu 18 may 2010, endaweni yaseKwa-Dlangwezwa ngenxa yokungaboni ngasolinye phakathi kwabo. Itekisiebelilayishe abagibeli iningi labo obekungabafundi base NyuvesiyaKwazulu (Ongoye) beyimbeke Empangeni kwenzeka lesesehlakalo.
Intombazane ebithandana nalojele, nayo ibingomunye wabafundi khonaOngoye benkulindeleke ukuba imbe ngomunye wabebethweswa iziquemncimbini wokwethweswa iziqu kulesiya sikhungo. Lojele ushayiseemisebenzini wahamba nesihbamu ebekufanele sisale kuthe uma bebonaozakwabo ukuthi isibhamu akasishiyanga babesebemphuthuma ngaphandlekokucitha isikhathi.
Abanye babafundi babike ukuthi ukewabona kalaezulazulu erenki yamatekisi ngaphandle kwenyuvesi lojele. Umsolwa ubeeselandela itekisi eligibele losisi akahlekisana naye, wathi uma ebonaozakwabo bemnamathele ezithendeni wangabe esapholisa maseko wavulelangemvulu yezinhlamvu ebhekise etekisini.
Intombi yakhe ibeisiphangalala khona lapho. Omunye umfundi wathola ukudubulekaesandleni. Umsolwa ube esebanjwa wavalelwa khona lapho. Okhulumelaamaphoyisa Umnu Colonel Jay Naicker uthe, “umsolwa uke waxoxangengxabano abanayo nesinqandamathe sakhe, nokwenze ukungasishiyikwakhe isibhamu somsebenzi kusolise kozakwabo”. Umsolwa uvelileenkantolo Empangeni zingu 21 May 2010, icala lahlehliselwa umhlaka 11June. Namanje umsolwa usabhandle esitokisini eMthunzini.

Imini world cup yezikole zasesikhawini ibe nedumela

Phumlani Nkwanyana
Ifike emaphethelweni ngelikhulu isasa imidlalo yebhole lezinyawoebiphakathi kwezikole zase-Sikhawini namaphethelo. Lemidlalo ekhombiseukuthakaselwa ngabaningi ibidlalwa ngolwezihlanu kusa zingu 14 ku-May2010 yaze yephele zingu 28 May 2010.
Izikole ebeziyingxenyeyalemidlalo bezikhetha noma yiliphi izwe elizobe lidlala endebeniyomhlaba, zibe yilelolozwe zinqgoke nejezi lakhona ziphinde ziculeneculo lesizwe lakhona.Loluchungechunge lemidlalo beluhlelwe wumnyango wezemidlalo nobucikoKwazulu-Natal, kanye nomasipala woThungulu.
Bewungafunga ukuthi yiwongempela amazwe esegijima emaBhida, bezibambene kushunqa uthulikungekho efuna ukugoba uphondo engekho nofuna ukuvuma induku. Izikoleezinjenge Khandlela secondary ebiqoke Italy ne Lembe Junior ebiqokeiBrazil yizo ebezenza ezibukwayo kulemidlalo, lokhu kukhonjisweyikhono abalikhombisile kulemidlalo.
Injongo yalemidlalobekukungqungquzela umphakathi ikakhulukazi itsha ukuba yeseke IBAFANABAFANA ngesikhathi sendebe yomhlaba nokweseka lemiqhudelwa yendebeyomhlaba okungokoku qala izalapha e-Africa.
UBheki Mjadu ubengomunyewabahleli balemidlalo uthe, “abafundi bezikole ezahlukene bazuzelukhulu kulemidlalo ngoba bafunde amaculo amanye amazwe ebekadebewaqokile ngesikhathi semidlalo”. Iqhaza elibanjwe ngabafundi lenzelemidlao yaba yenkulu impumelelo, yaphinda yashiya itsha inolwaziolunzulu ngamazwe azotheleka lapha eningizimu Afrika ukuzoqhudelanaemidlalweni yendebe yomhlaba ezoqala zingu 11 June 2010.

Injabulo bethweswa iziqu Ongoye


Bekukuhle kudelile zithola iziqu izitshudeni oNgoye
Phumlani Nkwanyana


Bekuyinjabulo yodwa enyuvesi yaKwazulu (Ongoye), ngesikhathi bethweswa iziqu abafundi abazisebenzele kanzima kulesiya sikhungo. Bekwehla izinyembezi zentokozo kwaba ningi, kuvungama nenhlokomo, abanye bevele bebhikle ingoma benziwa yintokoza yokufeza amaphupho abo. Ihholo iBhekuzulu beyingcwele ithe mikithi, ushansela omusha ebagaxa imiyezane yabo. Ebeku ngokuqala UMnu Sbu Ndebele ethwesa abafundi imiyezane yabo njengo shansela kulesiya sikhungo.


Babalelwa ngaphezu kwezi nkulungwane abafundi abathweswe izigu zaba ezinsukwini ezintathu zilandelana, kusuka zingu 20 ziya ku 22 ku Mayi 2010, kubafundi ebebevela kuma FAKHALTHI amane akhona kulesiya sikhungo. Usbu Ndebele osanda kuqokwa njengo shansela kulesiya sikhungo, uthathe izintambo kongu monga meli wezwe uMnu Jacob Zuma. Ekhuthaza itsha ushansela uthe”Njengoba senifundile kanje kumele nimele isifundazwe sakithi, nenze ucwaningo olunzulu ngomlando wakithi” Eqhuba uNdebele uthe” Ukuze abantu bethande Lesisifundazwe sakithi kubiza abantu abafundile bagogoda njengani becwaninge ngomlando wethu. Umhlaba kumele wazi ukuthi umlando wethu uthini, ukuthi Kwabulawayo kwakwenzakalani kudinga ukucwaningwa ukuze umhlaba wazi ngomlando wethu”

Undebe ubafisele impumelelo yodwa labo abenze kahle ezifundweni zabo. Uphinde wangcizelela ukuthi njengomnyango wezokuthutha eningizimu Africa bazozi bophezela ekutheni umgwaqo oza kulesiya sikhungo uyalungiswa ngokushesha ngoba ungekho esimeni esingculisayo. UNdebele uthembise ngoku nikezela ngezigidi zamarandi ekulingisweni komgwaqo ozakulesiya sikhungo.

Ukukhombisa kwakhe amagalelo amahle akuqali lapha, ngoba ngesikhathi ebekwa ngokusemthethweni njengo shansela walesiyasikhungo wanikezela ngamabhayisikili kubafundi abahamba ngezinyawo ibanga elide uma beza kuleyanyuvesi. Abafundi bathi kukhulu kuyeza kuloshansela omusha amagalelo akhe ayabonakala.

I-House of Art emkhankasweni wokuvundulula amakhono




Intsha yase Mhlathuze namaphethele ithokozele ikuba yinxenye yenhlolokhono ye-HOT


Phumlani Nkwanyana


I-House of Art (HOT), ibambe umkhankaso wokuvundulula amakhono kubantu abasha, e Art infusion centre, e Richards bay zingu 17 Ephreli 2010. Lomkhankaso obekuhloswe ngawo ukuthola itsha efisa ukuba sendimeni yukulingisa, ubenesasa elikhulu kubantu abasha abazifele ngokulingisa, ngoba kuyinto engavamile ngapha ko-Thukela. Lomkhankaso ububhekiswe kwabaneminyaka esuselwa kweyi-13 kuya kwengama -20 ubudala.

Batheleke ngezinkani abantu abasha bevela emalokishini azungeze lelidolobha bezokhombisa amagalelo abo kwezokulingisa. Injabulo nelukuluka lentokozo belibhalwe emehleni kuletsha ebibonakalo ukuthi inalo ikhono elidinga ukukhuliswa ngendlela efanele. Abantu abasha balibambe ngazo zombili leli thuba eliyizi nqayizivela. Lokhu kukhonjiswe yindlela ebebethokoze ngayo, nangobuciko ababukhombisile kwezokulingisa benza abazifela ngakho ukulingisa phela.

I-HOT iyi hlangano ezimele, ezinze maphakathi nedolobha lase Richards bay ikhiqhiza abaculi iphinde iqeqeshe abathanda ukulingisa kusukela eminyakeni eyi 13 kuya ku- 35.

Okhulumela I HOT, Unksz Zonke Cele ongu nobhala khona kulesiya sikhungo uthe, “Njenge HOT, sifuna ukusiza leyotsha enetshisekelo yokulingisa kodwa engenayo amathuba”, esho ekhombisa ukuthi ukulingisa kuyinto ayizwa ngaphakathi. “Sinesifiso kulenhlangano sokuthi laba abaphumele namhlanje bengcine sebebonakala koma bonakude, Ngoba nansi i-Bay TV isikhona sekuyoba lula ukuthi baqhubeke endimeni yokulingisa” Kuqhuba u-Nksz Cele.
Itsha lena ibizifikele neyayo imidlalo emfishanyane ebeyilingisa phambi kwamajaji ebebuka ubuciko umuntu abukhombisayo emdlalweni wakhe. Abaphumelele banikezwe ithuba eliyizi nqayizivela loku fundela ukulingisa, izinyanga eziyisi thupha. Emva kokuba sebephothulile lezizi fundo bayobeke sebe dlala umdlalo ozobe uhlelwe yiyo I HOT.

U-Nksz Cele unxuse noma ngabe ubani ukuba alule isandla emisebenzini abawenzeyo. “Siyihlangano ezimiele, ngalokho asinayo imali esiyithola kuhulumeni, seyadinga ukuthi sithole usizo kulabo abangaba nesifiso sokuxhasa lomsebenzi”, kusho u-Nksz Cele.

Kunzima Ongoye, ungekho umkhandlu wabafundi


Phumlani Nkwanyana
Esithombeni amahhovisi omkhandlu waba fundi wase nyuvesi uNgoye evalwe ngengidi

Isikhungo semfundo ephakeme inyuvesi yakwa-Zulu eyaziwa ngo Ngoye,ibhekene nesambane ngenxa yokungabi nomkhandlu omele abafundi. Ungoyelubhekene nalengwadla, esishiye abaningi bebambe ongezansi okubalwanabafundi abafikayo abenza unyaka wabo wokuqala kulesiya sikhungosemfundo yamazinga aphakeme.


Ungoye okwiyisona sodwa isikhungo semfundo ephakeme esikhuluenyakatho nesifundazwe sa-KwaZulu-Natali, isibhekene nalengwadlayokungabi nabaholi ababhekelele izimfuno zabafundi izinyanga ezintathuzilandelana kulonyaka.


Umkhandlu wabafundi ubhekelela inhlalakahleyabafundi, abaqhuba izifundo zabo uphinde ubhekelele ukufeza nezimfunozabo ngokudlulisela izinqinamba ababhekana naza kwizinhla ezifanelezenyuvesi. Ukungabikho komkhandlu wabafundi kuleyisa sikhungokuhlaluke nyakenye, emva kokuba elinya lamaqembu elingaphakathi,lehluleke ukuhambisa ubuholi balo emigudwini efanele, obekubhekekeukuba bungenele ukhetho lobuholi bomkhandlu omele abafundi.


Lengwadla isishiye abanye babafundi bedinda esika Nandi, Ngobabengcine bengakwazanga ukuba babhalise kulonyaka, okuze kwaholelaekutheni babhekise ababombo emakhayo. Ukungabikho kwalomkhandlusekwenze ukuthi abafundi bengcine bengakwazi ukudluliselanokuzwakalisa imfuno zaba, kwikomoti elibhekelele ukusebenzakwenyuvesi,Ngoba ungekho umkhandlu osebenza njengomlomo wabafundi. “Sikhuluma njeasikaze simbone nangephutha umphathi wenyuvesi omusha (Rector), ukubai-SRC ikhona ngabe sesaba nawo umcimbi wokukwazi ukuthi singcinesimbonile”, kusho omunye wabafundi obeveva ngenxa yalesi simoesingagingisi mathe.


Lomfundi owenza unyaka wakhe wesithathu ezifundweni zobudokotelawenqondo (Psychology) u-lindelani Nkomo, uqhube wathi “Ukungabikhokomkhandlu wabafundi kwenze ukuthi izimali zezifundo zikhuphukengokungangculisi, Ngoba buka njengamaje isifundo ngasinye sikhuphukesaya ku R1581 okuyi mali enkulu umakuqhathaniswa neyanyakenye”.Ukudla okuthengiswa ngaphakathi enyuvesi nakho kunyuke ngelinya izingaumakuqhathaniswa neminyaka eyadlulile. Abafundi sebekhombise okukhuluukungasithakaseli lesi simo sokungabikho komkhandlu obamele.


Ophethe abafundi u-dean of students, u-dokotela M.M Hlongwane, uvezeukuthi “ngeke iphele inyanga le ezoqala okungu Ephreli umkhandluwabafundi ungakhethwanga”. Lokhu ukuveze kweminya yemihlanganoebeyibambe namakomiti angaphansana komkhandlu wabafundi khona enyuvesiyaso Ngoye.

Kuvundululwe isidumbu sesiwumlotha eNdaya

Phumlani Nkwanyana
Kuvundululwe izinxenye zomzimba ebese ziphenduke umlotha emotweniyekhansela lasesigodini lase Ndaya, Esikhawini ngomhlaka 22 Febhuari2010.
Lesisi dumbi sitholakele emotweni yohlobo lwe Toyota Corolla,okukholakala ukuthi eka khansela we wadi 18, ukhansela BhekaMthiyane, okubikwa ukuthi unyamalele emavikini adlule.
Ngokushokwabomthetho, izitho ezithile zomzimba zitholakele esihlalwenisangemumva emotweni ebishe yanqonqa. Amaphoyise athe akulula ukuthibasho ukuthi ngabe umufi nguye ukhansela Mthiyane, noma akusiyengaphambi kokuba kwenziwe ucwaningo olubanzi.

‘Ngaphambi kokuba sishicilele ngokusemthethweni ukuthi ngumthiyane looshonile, kuzomele silindele imiphumela yocwaningo esazokwenziwa.Umndeni namaphoyisa kuze kube yilesi sikhathi awukazi ukuthi ngabeukuphi yena , uMthiyane”, kusho u-umqondisi wamaphoyisaKwazulu-Natal,u Phundile Radebe.

I-Kwazulu-Natal izimisele ukunyusa izinga kumatikuletsheni


By Phumlani Nkwanyana


Esithombe wongundunankulu wesifundazwe saKwazulu-Natal umnu Zweli Mkhize
Isifundazwe sa-KwaZulu-Natali sesizibekele umgomo wokuphakamisaamasokisi ekuphaseni kwebanga leshumi. Lesisi fundazwe sizibekeleukunyusa izinga lukuphasa kuka matikuletsheni ngama phecenti angama80% ngonyaka ka 2014. Lokhu kwenzeka nje kulindeleke ukuba inanilokuphasa kwabafundi bebanga leshumi lenyuke ekilasini lika 2010,kusho undunankulu waKwaZulu-Natal u Dr Zweli Mkhize. Undunankuluubekhuluma enkulumeni yakhe abeyithulela isifundazwe e- Mgungundlovu.

Lesisi fundazwe senze kangcono umakuqhathaniswa neminyaka edlulilengama phesenti awu 3.5 kusuka ku 57,6 wamapesenti wango 2008, njengobaizinga libe ngu 61,1 wamapesenti ngo 2009. Ezifundazweni ezenzekangcono ekuphaseni kwebanga leshumi, iKwaZulu-Natal ibalwa nezinyeizifundazwe ezenze ezibukwayo ngokuphasa ngamalengiso.


Ngoba bheka nje ebafundini ababalelwa ku 132,176 Kwazulu-Natalababhale izivivinyo zebangaleshumi, abangu 80 733 bakwazileukuphumelela, kwathi abangu 26 287 bengakwazi ukuthola izikhalazokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.


Undunankulu uthe, “emva ko chungechunge lomjikelezo wokuhambelaizikole esifundazweni, kuyakhombisa ukuthi othisha bazinekela futhibazimisele ngomsebenzi wabo, kanti nesifundazwe sizimiseleukunikezele ngosizo kuzozonke izikole.” Lesisifundazwe sisazoqhubekasibe ngesinye sezifundazwe ezihlonishwayo uma kuziwa ekuphasenikwebanga leshumi, kusho uMkhize.