Wednesday, March 9, 2011

Lwamukele izicelo ezingama 46000 uNgoye.



Phumlani Nkwanyana


Inyuvesi yakwaZulu eyaziwa ngongoye yamukele izicelo zezikhala kubafubdi ezilinganiselwa kwengama- 46000 yankenye. Iningi lezicelo ezabafundi ebekade benza ibanga leshumi ngowedlule, kanye nalabo ebebehlezi emakhaya ngenxo kokungabikho kwemisebenzi kanye nezikhala zokufunda. Lesisikhungo besinezikhala zabafundi abasha, ezilinganiselwa kwziyi-500 kuphela Lokhu kwenze abebe fake izicele zabo kamumva kanye nalabo ebebengazifakanga bengcine bengazitholanga izikhala zokufunda kulonyaka. Abafundi bebelokhu betheleke njalo kulesiya sikhungo bezozama inhlahla kodwa isandla besiqinilekulabo abangazifakanga izicelo zabo. Okhulumele leyanyuvesi u Clare Tylor uthe, ‘Abafundi bazifakile izicelo nakwezinye izikhungo zemfundo ephakeme, nokungakhulisa amathuba okuthi bathathwe khona, ngoba ngapha sekungcwele. Kulonyaka sisebenzisane ne CAO (Central Application Office) nokuyinhlangana esekabeni yedolobha laseThekwini, ebhekelela ukufaka izicelo zabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme kulesi sifundazwe. Lokhu kwenza ukuthi kube lula kumfundi ngoba uyakuleso sikhungo amukelwe kuso, futhi esazi ukuthi uyokwenzani. Lokho kusiza ukuthi ukubhalisa kube lula, kanti futhi kuyabasiza abafundi ekutheni bengangcini sebenza izinqu ebebengazimiselanga ukuzenza ngenxa kokungabikho kwezikhala”.
Selokhu kuqalile ukubhalisa azikho izigameko zobugebengu ezisabikiwe, njengoba kuyaye kwenzeke eminyakeni eyadlule. Kanti ukubhalisa kube ngenkulu impumelelo kuzo zombili izikhungo. Abafundi abafake izicelo zabo besenga kwazi ukuyozama inhlahla kuso lesiya sikhungo kusukela zingu 14-18 February.


Phumlani Nkwanyana



Iningi labantu abasha base Ngwelezane bathi abalubhadi okhethweni lwezindawo kulonyaka. Ukhetho kulindeleke ukuba libe sezinyangeni ezingengaki ezizayo. Nakuba iningizimu Africa ithokozela iminyaka eyi-16 yenkululeko, itsha yase Ngwelezane ithi ushitsho yinto engabonwa, abayizwa ngendaba. Iningi letsha ethi ayilubhadi ekuvoteni, yileyo eduve emakhaya ngenxa kokungabikho kwamathuba emsebenzi. Ukungabikho kwemisebenzi kanye nentuthuko abathi ishaya ngonyawo lownabu, yiyona ndaba abathi ibathena amandla okuvota. Letsha ikhala nanokuthi ayisiboni isidingo sokuyovota, ngoba umehluko awubonakali emva kokhetho.
“Angisiboni isidingo sokuvota , futhi ngeke ngilubeke ezikhungweni zokuvota ngoba kufana nokuchitha isikhathi. Izikole zethu aziyitholi intuthuko sezaba neminyaka zaba kulesi simo”, kuchaza uFikile Khoza ongomunye wabashaya phansi ngonyawo othingeke alibhade ekuvoteni kulonyaka.
Inhlangano ebhekelela ukhetho eningizimu Africa i IEC (Independent electoral commission), iveze ukuthi abantu abasha bahudula izinyawo okhethweni lwezindawo. Lenhlangano isebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayafundiswa ukubaluleka nokuba semqoka kwevoti labo. Lenhlangano ithembise ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje abantu abasha abachitha khona isikhathi sabo esiningi. Iningi labantu abasha bachitha isikhathi sabo kuma “social sites” afana no Facebook, Twitter kanye no Mxit. Yilona thuluzi lenhlangano ezogadla ngalo ukuqinisekisa ukuthi itsha iyafundiseka ngokubaluleka kwevoti.

Wednesday, November 17, 2010

Iza eRichards bay imidlalo yaKWANALOGA

Phumlani Nkwanyana

Idolobha lase Richards bay liqokwe ngokusemthethweni, ukuba kudlwalwe kulo imidlalo ya-Kwanaloga ebanjwa minyaka yonke kulesifundazwe. Umasipala waso Thungulu kanye noMhlathuze wamukele lesisinqumo ngenkulu intokozo. Kubhekeke ukuba lemidlalo ihanjelwe abantu abangaphezu kuka 4000, abasuka komasipali abangama-60, Kwazulu-Natal kusuka zingu 10-14 Disemba 2010 (Zibandlela).

Lemidlalo izoletha okukhulu kubantu baseMhlathuze, ikakhulukazi labo abasemkhakheni wamabhizinisi ezokuvakasha nokuncebelaka. “Ukubamba imicimbi efuze eyaloluhlobo kwezemidlalo kubeka lelidolobha kwelinye izinga”, Kuchaza uNkosinathi Nhleko oyimenenja yedolobha. “Njengedolobha sikwazile ukubamba imincinciswano esenzingeni lomhlaba ngenkulu impumelelo njenge World Triathlon Championships. Sikwazile nanokubamba iFormula 1 Powerboating”, kubeka okaNhleko. Lelidolobha liphinde laziqhakambis ngesikhathi sendebe yomhlaba, lokhu kubonakale ngesikhathi iqembu lesizwe lase Nigeria, nebeliyingxenye yendebe yomhlaba lizilolongele kwinkudla ekhona kuleliya dolobha.

Imidlalo yaKwanaloga idinga isiqiniseko kwezokuphepha kanye nezinkudla ezisezingeni eliphezulu kwidolobha elisuke libabhe imidlalo, ngenhlahla lelidolobha linezokuphepha ezingculisayo, kanye nekundla esanda kwakhiwa esezingeni eliphezulu kusho uNhlako, nokusenza sakwazi ukubamba lemidlalo.

Eqhuba uthe idolobha lase Mhlathuze lithembisa inhlalo enhle kubobonke abayobe behambele lemidlalo ngenyanga ka Disemba

Friday, October 22, 2010

Izikhulu zoMhlathuze zidele amabhonasi

Phumlani Nkwanyana

Iningi leziphathimandla zikamasipala wo Mhlathuze zinqume ukungawathathi amabhonasi awo kanyaka wezimali ka 2009/2010. Oyimenenja yedolobha lase Mhlathuze uMnu Nkosinathi Nhleko uthe, “unyaka wezimali ka 2009/2010 awubanga ngunyaka onemiphumele ethokozisayo kulelidolobha ngenxa kokungahambi kahle emnothweni wase Ningizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele”. Nakuba izinqinamba bezikhungathe lelidolobha, amakhansela kanye nezikhulu eziphezulu zisebenze ngokukhulu ukuzikhandla, ukuze ziqinisekise ukuthi izidingo zomphakathi ziyabhekelelwa ngokukhulu ukucophelela yize izinsiza kusebenza bezingezihlekahle.

“Nakuba lonyaka ubunzima, ubemuhle ngasekuphathweni kwedolobha ngoba zonke izinjongo zihambe njengezifiso zethu, okuze kwaholela ekutheni sibe sesimeni sokothola amabhonasi. Kodwa sibe sesivumelana nezinye izikhulu eziphezulu, ukuba singawathathi, ukuze kubhekelelwe izidingo zomphakathi, kuchaza uNhleko.

Unqoqoshe we co-operative Governace and Traditional Affiars u- Nomusa Dube, uthumele incwadi yesincomo encoma isinqumo esithathwe yizikhulu eziphezulu zase Mhlathuze, sokungawathathi amabhonasi. Kulencwadi ungqongqoshe uthe, lesisenzo senzeke ngesikhathi lapho isifundazwe kanye neNingizimu Afrika ibhekene nengwadla ngakwezezimali, nokuholele ekusebenzaeni ngokungangculisi kohulumeni basemakhaya. Ungqongqoshe uqhubeke wathi lesisenzo simelwe ukushayelwa ihlombe, futhi kukhombisa ukuthi izikhulu zoMhlathuze ziyazikhathalele izidingo zomphakathi.

Umnu Nhleko uthe, udlulisa ukubonga kwizikhulu eziphezulu, ngokudele amabhonasi azo ukuze kubhekelelwe umphakathi. Eqhuba uNhleko ubeke wathi, lokhu kuseyisaqalo sokubeka lomaspala kwi-balazwe, njengabanye bomasipala abasebenza kahle, noqinisekisa ukufeza izindingo nqangi zomphakathi.

Isiteleka sikahulumeni siphazamisa ibanga leshumi

Isiteleka sabasebenzi bakahulumeni esesidonse amaviki amathathu, sizophazamisa ukubhala kwezivivinyo kwebanga leshumi. Iningi labafundi liduve emakhaya, ngenxa yokungabikho kothisha ezikoleni. Lokhu kuqale emvakokuba izisebenzi zikahulumeni zinga ngculiseki ngamaholo azo, nokuholele ekutheni zibeke phansi amathuluzi ziyingxobe emigwaqeni . Lokhu sekushiye iningi labafundi ikakhulu abenza ibanga leshumi bekhungathekile ngenxa yalesisimo. Abafundi bebanga leshumi kulindeleke ukuba baqale izivivinyo zabo zokuphela konyaka zingu 10 Okthoba. Amathuba okuba baqale abonakala eshabalala ngoba abasebenzi nohulumeni bengakafiki esivumelwaneni sika 8.6%. Abanye babafundi sebeqale ukuzenzela amaqembu ukuze bakwazi ukumelana nezivivinyo okungazeki noma ziyongcina zibhaliwe. Ongunqonqoshe wezemfundo emabangeni aphansi kuzwelonke u-Angie Motshekga, ucele umphakathi onolwazi ngezifundo zebanga leshumi ukuba ulule isandla ukuze usiza abafundi ababhekwe yifu elimnyama. Umnyango wezemfundo uzama ngokusemandleni izizinda zokusiza lababafundi ukuze baqhubeke nokuzilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka.Ungqogqoshe uthe, “Kubalulekile ukuthi abafundi bahlale ezincwadini ngalesikathi esinje, bazimisele bekhande namaqembu okufunda ukuze baphumelele” echaza .Umnyango ugquqguzele abafundi bebanga leshumi ukuba babukele izinhlelo ezihlelelwe abafundi kumabonakude kanye nasemisakazweni, nokubukezela izivivinyo zeminyaka edlule. “Abazali kumele baqikelele ekutheni abafundi bahleli ezincwadini zaba ngaso sonke isikhathi ukuze bakwazi ukungasali kwizifundo zabo” kubeka uMotshekga.Lisisiteleka asingcinanga ngokuphazamisa ibangaleshumi kuphela, abafundi abenza izifundo zobuthisha enuvesi yakwaZulu (Ongoye), nabo baphoqelekile ukuba baphindele emumva bengaphothulile isikathi sabo sokuqeqeshwa ezikoleni. Inyovesi ithumelele imiyalezo abafundi singakapheli isikhathi sokuqeqeshwa kwabo ngoba izikole bese zilenga izikhiye emasangweni.

Indumezulu yomgubho wabesifazane eMtuba




Phumlani Nkwanyana




Izinkumbi zabesifazane zithuthanele e-Mtubatuba rugby club, ukuzogubha usuku labantubesifazane, neligunjwa minyaka yonke eningizimu Afrika. Uhulumeni wesifundazwe saKwazulu-Natali ubambisene nomaspala uMkhanyakude uhlele lendumezulu yomgubho nobuyinxenye yokuhlonipha izinqalabutho ezalwela abalungelo abantu besifazane ngonyaka ka 1956 e-Union building.




Noma isimo sezulu besingesihle kahle ngalolusuku olusho lukhulu kubantu besifazane, umphakathi uphume ngothi lwawo ukuzothamela izihambeli ebezivela emnyangweni eyahlukene kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal. Phakathi kwezihambeli ebeziyinxenye yalomcimbi, umama Wenziwe Thusi, Ina Cronje, Nomusa Dube, Willies Mchunu kanye no Senzo Mchunu ongungqongqoshe wezemfundo Kwazulu-Natal. Ukhombise ngokusobala lomcimbi ukuthi isifundazwe asikhohliwe yiqhaza elabanjwa ngabesifazane ekulweleni abesifazane.




Lomgubho ubungqungquzela kakhulu abantu besifazane ngamalungelo abo, nangamathuba uhulumeni akawahlelele ukuhlomisa nokuhlinzeka abantu besifazane ngolwazi. Ezintweni ezibaluliwe wukuqikelela ekutheni abesifazane bayazimela futhi bayayiqonda indima ekumele bayidlala emiphakathini abakuyo, ukuzebakwazi ukwakha imiphakathi engcono. Umnu Senzo Mchunu, nobekhulumela undunankulu wesifundazwe, uthe, uhulumeni waKwaZulu-Natal usubekele abesifazane isamba semali esilinganiselwa ku R197 million, ukuze ukwazi ukuthuthukisa izinhlelo zabesifazane balesisifundazwe.




“Eminyakeni eyedlule izibalo bezikhomba ukuthi abantu besifazane yibo abangasebenzi, sizimisele manje ukuqeda nya lokho. Sifisa ukuhlomisa abesifazane ngakwezemfunda kanye nezamabhizini ukuze kube yibo abadala amathuma emsebenzi bebambe neqhaza ekukhulisweni komnotho wakithi”, kuchaza uMchunu ekhulumela undunankulu nongaphumelelanga ukuba yinxenye yalomncimbi ngenxa yokungaphatheki kahle. Isifundazwe sizibophezele ekutheni iminyaka eyishumi ezayo inikezelwe kwabesifazane kozonke izinhla zikahulumeni ukuze kubonakale igalelo labo, nokuthokozise abaningi ukuzwa ukuthi banikezwe ithuba lokuziqhakambisa eminyakeni ezayo.




Inkosi yakwaMagwaza engowesifazane uL. Mpungose, ephinde ibe yilungu le Progressive women’s movement of S.A, ithe abesifazane kumele babenokuzethemba ngokuba ngabesifazane, “Kubalulekile ukuthi sazi njengabesifazane ukuthi sinamalungelo futhi siyalingana ngokomthetho sisekelo wakulelizwe, ngalokho kumele abesifazane bezazi ukuthi baneqhaza elibalulekile ekumele balidlale” Kuqhuba inkosi yakwa-Magwaza uMpungose.




Lomcimbi bekungesiwo nje umgubho wabesifazane kuphela, umphakathi uphinde wathola imitholampilo engomahamba nendlwana nalapho bebehlola khona izifo ezahlukene. Umphakathi ubuphinde ufake izicelo zomazisi kanye nemali yesondlo sabantwana kuwo lomncimbi. Omunye wabesifazane obethamele lomcimbi uJabu Gumede uthe, “Sibonga kakhulu kuhulumeni wesifundazwe, ikakhulukazi ngokusinika ithuba lokufaka izicelo zesondlo sabantwana kanye nokuhlolelwa izifo ezinhlobonhlobo kuyancomeka impela”. Lomgubho uvalwe ngedili labaculi beshiyelana inkundla bethokozisa abantu besifazane phakathi kwabo bekukhona noHlengiwe




Ezinye zezitorry engizithandayo.

Injabulo kwemukelwa uSyabonga Sangweni

Phumlani Nkwanyana

Bekuyinjabolo yodwa ngesikhathi umphakathi wase Dondotha wemukela U-Syabonga Sangweni nobeyinxenye yeqembu lesizwe ngesikhathi sendebe yomhlaba. Lomdlali uphinde abe ngumdlali wasemumva kwi Golden arrows nokwiyiqembu elizinze eThekwini kusolesisi fundazwe.
U-Sangweni umukelwe ngenkulu Injabulo emcimbini obuhlelwe ngumasapala waso Thungulu ubambisene no maspala Umfolozi kanye nomphakathi ngenyanga edlulu. Lomcimbi ubuhlelelwe ukuncoma igalelo lika Sangweni emidlalweni yendebe yomhlaba, njengoba engowokudabuka kulesifundazwe.
Umphakathi wase Dondotha ufike ngothi lwawo uzomukela iqhawe ebelimele iningizimu Africa kumqundelwano wendebe yomhlaba.Oyikhansela lendawo u M. Mpungose uthe, umsebeni kasangweni uyancomeka kakhulu, ubeke lomaspala ebalazweni lase Ningizimu Africa. Usangweni uphakamise kakhulu ukuncoma komaspala abahlele lomcimbi omkhulu kangaka. “Ngifisa nje umaspala wakithi uzame ukusenzela i-League ukuze sizokwazi ukuthuthukisa italente elikhona elifihlekile”, kuchaza u-Sangweni. Umphakathi usine wazibethele ngenhlobonhlobo zokudla ebezikhona kulomncimbi.